ST Communications2024-03-252024-03-252023-10-02https://africarxiv.pubpub.org/pub/53gtnazkhttps://africarxiv.ubuntunet.net/handle/1/1380https://doi.org/10.60763/africarxiv/1331https://doi.org/10.60763/africarxiv/1331https://doi.org/10.60763/africarxiv/1331Zulu translation of DOI: 10.3390/pathogens9100829Impathamhlaba i-COVID-19 belulokhu luqhubeka kusukela lwaqala ngasekupheleni kukaNovemba 2019 eWuhan, eChina. Ukuqonda nokuqapha ukuguquguquka kofuzo kwegciwane, izici zalo zendawo, nokuzinza kwalo kubaluleke kakhulu ekulawuleni ukusabalala kwesifo futhi ikakhulukazi ekuthuthukisweni komgomo wendawo yonke ohlanganisa zonke izinhlobo ezibhebhethekayo. Kulo mbono, sihlaziye izinhlobo zofuzo ze-SARS-CoV-2 eziphelele ezingama-30,983 ezivela emazweni angama-79 akumazwekazi ayisithupha futhi saqoqwa kusukela zingama-24 kuZibandlela wezi-2019, kuya kumhla ziyi-13 kuNhlaba wezi-2020, ngokusho kwesizindalwazi se-GISAID. Ukuhlaziya kwethu kuveze ubukhona kwezindawo ezihlukile ze-3206, ezinokusabalalisa okufanayo kwezinhlobo zokuguqulwa kwezakhi ezindaweni ezihlukene. Ngokuphawulekayo, imvamisa ephansi yokuguqulwa kwezinguquko eziphindaphindiwe iye yabonwa; izinguquko eziyi-169 kuphela (5.27%) zande ngo-1% kwama-genomes. Nokho, izindawo eziyishumi nane ezinezinguquko zegciwane kakhulu (<10%) sezikhonjiwe ezindaweni ezingafani ezihambisana ne-genome yegciwane; ayisishiyagalombili ku-ORF1ab polyprotein (ku-nsp2, nsp3, isizinda se-transmembrane, i-RdRp, i-helicase, i-exonuclease, ne-endoribonuclease), ama-nucleocapsid protein, kanye ne-protein ngayinye kwamathathu:otherCOVID-19WuhanImpathamhlabaAbacwaningi bathi igciwane le-COVID-19 lingase liguquke kancane, kwenze ukuthuthukiswa komgomo kube lula