Zulu
Permanent URI for this collection
Browse
Browsing Zulu by Author "ST Communications"
Now showing 1 - 4 of 4
Results Per Page
Sort Options
Item Abacwaningi bathi igciwane le-COVID-19 lingase liguquke kancane, kwenze ukuthuthukiswa komgomo kube lula(2023-10-02) ST CommunicationsImpathamhlaba i-COVID-19 belulokhu luqhubeka kusukela lwaqala ngasekupheleni kukaNovemba 2019 eWuhan, eChina. Ukuqonda nokuqapha ukuguquguquka kofuzo kwegciwane, izici zalo zendawo, nokuzinza kwalo kubaluleke kakhulu ekulawuleni ukusabalala kwesifo futhi ikakhulukazi ekuthuthukisweni komgomo wendawo yonke ohlanganisa zonke izinhlobo ezibhebhethekayo. Kulo mbono, sihlaziye izinhlobo zofuzo ze-SARS-CoV-2 eziphelele ezingama-30,983 ezivela emazweni angama-79 akumazwekazi ayisithupha futhi saqoqwa kusukela zingama-24 kuZibandlela wezi-2019, kuya kumhla ziyi-13 kuNhlaba wezi-2020, ngokusho kwesizindalwazi se-GISAID. Ukuhlaziya kwethu kuveze ubukhona kwezindawo ezihlukile ze-3206, ezinokusabalalisa okufanayo kwezinhlobo zokuguqulwa kwezakhi ezindaweni ezihlukene. Ngokuphawulekayo, imvamisa ephansi yokuguqulwa kwezinguquko eziphindaphindiwe iye yabonwa; izinguquko eziyi-169 kuphela (5.27%) zande ngo-1% kwama-genomes. Nokho, izindawo eziyishumi nane ezinezinguquko zegciwane kakhulu (<10%) sezikhonjiwe ezindaweni ezingafani ezihambisana ne-genome yegciwane; ayisishiyagalombili ku-ORF1ab polyprotein (ku-nsp2, nsp3, isizinda se-transmembrane, i-RdRp, i-helicase, i-exonuclease, ne-endoribonuclease), ama-nucleocapsid protein, kanye ne-protein ngayinye kwamathathu:Item Abase-Uganda abane-HIV baphinde babe nephika abalutholi usizo abaludingayo.(2023-10-02) ST CommunicationsAbantu abaphila ne-HIV (PLHIV) abathola imishanguzo ye-antiretroviral bandise amathuba okuba nesifo senhliziyo nemithambo yegazi (CVD). Ukuhlanganiswa kwezinsizakalo zephika (HTN), ukuyingozi ehamba phambili ekutholeni i-CVD, emitholampilo ye-HIV kuyanconywa e-Uganda. Umsebenzi wethu wangaphambili ubonise izikhala eziningi ekusetshenzisweni kokunakekelwa okudidiyelwe kwe-HTN ekulashweni kwe-HIV. Kulolu cwaningo, sifuna ukuhlola izithiyo kanye nabagqugquzeli bokuhlanganisa ukuhlolwa nokwelashwa kwe-HTN emitholampilo ye-HIV eMpumalanga ne-Uganda.Item Fakani abalimi besifazane uma kuthuthukiswa futhi kuhlolwa ummbila omelana nesomiso(2023-10-02) ST CommunicationsAbesifazane badlala indima ebonakalo kwezolimo nasekuphepheni kokudla. Nokho, ukubandakanyeka kwabesifazane ekuhlolweni kwasemapulazini kobuchwepheshe bezolimo kuphansi. Kulolu cwaningo, ulwazi luqoqwe ngohlu lwemibuzo ehlelwe kahle yanikwa abesifazane abangabalimi abawu-80 ohlelweni lwasemapulazini lokubheka ummbila okwazi ukumelana nesomiso(DT) eNingizimu neSavannah yaseGini(SGS) indawo ebekelwe ezolimo eNayjeriya. Ucwaningo luveze ukuthi bonke abalimi besifazane bashadile, u-23% wabo awuyanga esikoleni nokuthi iminyaka yabo ihamba ko-43. Abalimi besifazane babeke loluhlobo lommbila (DT) njengoluyikhethelo kuzo zonke izindawo. Ngkho ke, kuyalwa ukuthi abalimi besifazane kumele babe yingxenye yokuthuthukiswa nokuhlolwa kobuchwepheshe bezolimo ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kokudla kube nokukhula kahle ngokusimama emikhiqizweni yezolimo.Item Intsha yaseNingizimu Afrika ene-HIV nesibalo samasosha e-CD4 aphansi isengcupheni yokuthola umdlavuza.(2023-10-02) ST CommunicationsSifake abaneminyaka ewu-15 kuya ku-24 abavela ocwaningweni lwe-South African HIV Cancer Match, iqoqo elikhulu elivela ekuxhumaneni kwezilinganiso ezivela kumalaborethri ahambisana ne-HIV avela e-National Health Laboratory Services namarekhodi ase-National Cancer Registry(Inqolobane yomdlavuza). Siqoqele ndawonye ukuvela kwemidlavuza ejwayelekile. Sihlolisise ukuhlangana phakathi kwalemidlavuza nocansi, iminyaka, unyaka, nesibalo samasosha e-CD4 ngamamodeli e-Cox nama-adjusted hazard ratios (aHR).